Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngadlula kubo kancane, kepha ngamfumana othandwa ngumphefumulo wami; Ngambamba, angizange ngimyeke, ngaze ngamngenisa endlini kamama, ekamelweni lalowo owangithwala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Ngiyeke ngihambe, ngokuba kuyasa.” Wathi: “Angiyikukuyeka ukuba uhambe, ungakangibusisi.”


Bambelela ekulayweni; ungamyekeli ahambe; mlondoloze; ngoba uyimpilo yakho.


Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.


Ngitshele, wena othanda umphefumulo wami, lapho uklaba khona, lapho uphumula khona umhlambi wakho emini; ngoba kungani ngizakuba njengohlubuke emihlambini yabangane bakho?


Noma ngangazi, umphefumulo wami wangenza ngaba njengenqola yase-Aminadibi.


Ikhanda lakho phezu kwakho linjengeKarmeli, nezinwele zekhanda lakho zinjengokububende; inkosi igcinwe emigumeni.


Bengiyakukuhola, ngikungenise endlini kamame, abeyakungifundisa; bengiyakunathisa izinongo zompomegranati wami.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama yomhlaba; Angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: Ngifuneni ngeze; Mina, Jehova, ngikhuluma ubulungisa, ngimemezela ubulungisa.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.


UNkulunkulu unguJehova kwabamthembayo, umphefumulo omfunayo.


Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.


Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa;


Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?


nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ