Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:32
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.


Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.


Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso.


UJesu ekuzwa wathi kubo: “Abaphilayo abamdingi umelaphi, kodwa abagulayo kuphela.


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


UJesu waphendula wathi kubo: Abaphilileyo abadingi melaphi; kodwa abagulayo.


Basebesithi kuye: Kungani abafundi bakaJohane bezila ukudla kanengi, bakhuleka, ngokunjalo labafundi babaFarisi; kepha abakho bayadla, baphuze na?


Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;


UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ