Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:24
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.


Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?


Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.


UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.


Waseselula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda, hlambuluka. Masinyane uchoko lwasuka kuye.


Bheka, amadoda ethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa, ambeke phambi kwakhe.


Yikuphi okulula, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho; noma ukuthi: Vuka uhambe?


Wasesondela wathinta uhlaka; abaluthweleyo bema. Yathi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka.


Wayesebakhiphela phandle bonke, wayibamba ngesandla, wabiza, wathi: “Ntombazana, vuka!


Esetshilo lokho wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Lazaru, phuma.


njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho wagxuma, wahamba.


Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


UPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; Wasesukuma masinyane.


Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka.


Naphakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa onjengeNdodana yomuntu, embethe ingubo efika ezinyaweni, ebophe isifuba ngebhande legolide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ