Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 1:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 1:13
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lesi yisivumelwano sami eniyakusigcina phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho; Wonke umntwana wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe.


UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


Kukhona okunzima yini eNkosini? Ngesikhathi esimisiwe ngizabuyela kuwe, ngesikhathi sokuphila, njalo uSara uzakuba lendodana.


U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.


Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova.


Ngifuna ukukudumisa, ngoba ungizwile futhi waba yinsindiso yami.


Ngaya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Mbize ngokuthi nguMahersalhasbasi.


Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho.


UJehova wathi kuye: “Mbize ngokuthi uJizreyeli; ngoba kuseyisikhashana nje ngiphindisele igazi laseJizreyeli endlini kaJehu, ngiqede ubukhosi bendlu yakwa-Israyeli.


Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.


Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.


Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi.


Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.


Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.


Wena uyakuba nokujabula nokuthokoza; nabaningi bayakujabula ngokuzalwa kwakhe.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisificaminwembili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, eliqanjwe ingelosi ngaphambi kokuba akhulelwe.


Yathi: “Korneliyu, ukukhuleka kwakho kuzwakele, nomusa wakho womusa ukhunjulwe phambi kukaNkulunkulu.


UJehova wasesithi kuye: Ukuthula kakube kuwe! ningesabi: aniyikufa.


UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ