Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 24:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 “Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 24:29
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nakuba ilanga noma ukukhanya noma inyanga noma izinkanyezi akufiphazwa, namafu awabuyi ngemva kwemvula.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nemilaza yawo akuyikukhanyisa; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayiyikukwenza ukukhanya kwayo kukhanye.


Inyanga iyakuma inamahloni, nelanga lijabhe, lapho uJehova Sebawoti eyakubusa eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema nangokukhazimulayo phambi kwamalunga akhe.


Lonke ibutho lezulu lizabhubha, lezulu lizagoqwa njengomqulu, lebutho lonke lalo lizawa njengehlamvu eliwa emvinini, lanjengekhiwane eliwa emkhiwaneni.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo; izulu liyakuthuthumela, ilanga nenyanga kube mnyama, nezinkanyezi zisuse ukukhanya kwazo.


Ilanga nenyanga kuyoba mnyama, nezinkanyezi ziyosusa ukukhanya kwazo.


Usuku lukaJehova aluyikuba ngubumnyama, lungabi ngukukhanya na? ngisho emnyama kakhulu futhi akukho ukukhanya kuyo?


Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele.


Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ