Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 16:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Ngiqinisile ngithi kini: bakhona abanye kwabemi lapha, abangayukukuzwa ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza nombuso wayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 16:28
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?


Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.


Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.


UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.


Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.


Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?


Kwambulelwa kuye ngoMoya oNgcwele, ukuthi akayikubona ukufa, engakamboni uKristu weNkosi.


Kodwa ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha, abangayikukuzwa ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.


Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.


Kodwa ngulowo lalowo esigabeni sakhe: UKristu ulibo; ngasemuva abangabakaKristu ekufikeni kwakhe.


nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.


Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe.


Manje, bantwanyana, hlalani kuye; ukuze kuthi, nxa esebonakala, sibe lesibindi, singabi lenhloni phambi kwakhe ekufikeni kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ