Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseKolose 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseKolose 2:16
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Uzayelani kuye namuhla na?” akusikhona ukwethwasa kwenyanga noma isabatha. Wathi: “Kuzolunga.”


nokunikela ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi, ngokwenani, ngokomthetho ababeyaliwe ngawo, phambi kukaJehova njalo.


Wamisa nesabelo senkosi sempahla yayo njengeminikelo yokushiswa, eyeminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwezinyanga, neyemikhosi, njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.


Futhi uma abantu bezwe beletha impahla noma iyiphi indlela yokuphila ukuze bathengise ngosuku lwesabatha, thina ngeke sikuthenge ngesabatha nangosuku olungcwele; nokuthi siyakushiya umnyaka wesikhombisa kanye nempoqo zonke izikweletu.


okwesinkwa sokubukwa, nomnikelo wempuphu waphakade, nomnikelo oshiswa imihla yonke, owesabatha, nowokwethwasa kwenyanga, nowemikhosi, nowezinto ezingcwele, noweminikelo yesono, ukwenzela u-Israyeli ukubuyisana, nawo wonke umsebenzi. Endlini kaNkulunkulu wethu.


UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.


Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.


Ningabe nisaletha izipho eziyize; izithako ziyisinengiso kimi; ukwethwasa kwenyanga namasabatha, ukubiza imibuthano, anginakukuqeda; kungububi, ngitsho umkhosi.


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, umphefumulo wami awungcoliswanga, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angizange ngikudle okufayo nokudwenguliwe; futhi kakuzange kungene nyama enengekayo emlonyeni wami.


Kuyakuba ngeyesikhulu ukuletha iminikelo yokushiswa, neminikelo yokudla, neminikelo yokuphuzwayo ngemikhosi, nangokuthwasa kwenyanga, nangamasabatha, ngayo yonke imikhosi yendlu yakwa-Israyeli; kumelwe alungise umnikelo wesono. Nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula, ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


Kumelwe kube isabatha lokuphumula kini, futhi kumelwe nihluphe imiphefumulo yenu ngokwesimiso esiphakade.


Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili?


Ngosuku lokuthokoza kwenu nangezinsuku zemikhosi yenu nasekuqaleni kwezinyanga zenu niyakuvuthela amacilongo phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kweminikelo yenu yokubonga; ukuze zibe yisikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Akusikhona okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kodwa okuphuma emlonyeni, yikho okumngcolisayo umuntu.


Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele obala, ehlambulula konke ukudla na?


kodwa sibabhalele ukuthi bayeke amanyala ezithombe, lobufebe, lokukhanyiweyo, legazi.


Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.


Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.


Ngakho-ke uma nafile kanye noKristu kuzo iziqalo zezwe, kungani niphila ezweni nithobela izimiso na?


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


UJonathani wasesithi kuDavida: Kusasa ukwethwasa kwenyanga, njalo uzabuzwa, ngoba isihlalo sakho sizabe singelamuntu.


UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ