Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseKolose 1:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 kubo uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe; onguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 kubo uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe; onguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseKolose 1:27
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Futhi kabayikusho ukuthi: Khangelani nanku! noma, bheka, lapho! ngoba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.


UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.


Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Yeka ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe, nezindlela zakhe aziphenyeki!


Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na?


okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.


Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga.


ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa, azilungisele ngaphambili inkazimulo;


Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Bantwanyana bami, engibuye ngibe nemihelo ngabo, uKristu aze abunjwe kini.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


enibuye nakhiwe ndawonye kuye, nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.


Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;


okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


UPawuli, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noweNkosi uJesu Kristu, ithemba lethu;


ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ