Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 6:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.


Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.


Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;


Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; labo bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.


Kodwa kwasukuma abanye behlelo labaFarisi abakholwayo, besithi: Kumele ukubasoka, lokulaywa ukugcina umlayo kaMozisi.


Ngoba kasinasibindi sokuzilinganisa kumbe ukuzifanisa labanye abazincomayo;


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.


Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?


Kepha noThithu owayenami kaphoqwanga ukuba asokwe, engumGreki;


Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile.


Ngoba labo abasokileyo kabawugcini umlayo; kodwa bafisa ukuthi nisokwe, ukuze bazincome enyameni yenu.


Abanye kambe batshumayela uKristu ngomona langombango; futhi abanye futhi ngenhliziyo enhle:


Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye.


Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu;


Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ