Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 11:37 - Contemporary Zulu Bible 2024

37 bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngesaha, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswela, behlushwa, bephathwa kabi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 Bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngamasaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswele, behlushwa, bephathwa kabi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 11:37
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakhipha amadoda ayekulo, wawafaka ngaphansi kwamasaha, nangaphansi kwezimbazo zensimbi, nangaphansi kwezimbazo zensimbi, wawadabulisa esithandweni samatshe; wenze njalo kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova kwabangamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?


Kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.)


U-Ahabi wamtshela u-Izebeli konke u-Eliya ayekwenzile, nendlela ayebulele ngayo bonke abaprofethi ngenkemba.


Wathi: “Ngaba nobukhwele obukhulu kuJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


U-Eliya ekuzwa lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya?


Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.


libeke phambi kwakhe amadoda amabili, amadodana kaBheliyali, afakaze ngaye athi: Uthukile uNkulunkulu lenkosi; Bese nimkhiphela ngaphandle nimkhande ngamatshe, ukuze afe.


Bamphendula bathi: “Uyindoda enoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe.” Wathi: “Lo ungu-Eliya waseThishibi.”


Wacosha ingubo ka-Eliya eyayiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lweJordani;


U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana lapha nalaphaya, badabula bobabili emhlabathini owomileyo.


Wakhipha amadoda ayephakathi kwawo, wawasika ngamasaha, nangemimese yensimbi, nangezimbazo; Wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.


Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi; owambulala ngenkemba, wasiphonsa isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.


Kuyothi ngalolo suku abaprofethi bahlale benamahloni, kube yilowo nalowo ebusweni bakhe, uma eprofethile; futhi bangembathi ingubo emahhadla ukuze bakhohlise;


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.


Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizintethe nezinyosi zasendle.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;


Ngakho ngiyathokoza ebuthakathakeni, nasekuthukweni, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezelekeni ngenxa kaKristu, ngokuba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.


wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni;


Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.


Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ