Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 4:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Okhokho bethu babekhonza uNkulunkulu kule ntaba, kepha nina nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhonzelwe khona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 4:20
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uJehova kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho okwenzile phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngimise igama lami khona kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona njalo.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa neyokubonga, wakhuleka kuJehova; wamphendula ngomlilo ovela ezulwini phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa.


UDavida wasesithi: Le yindlu yeNKOSI uNkulunkulu, leli lilathi lomnikelo wokutshiswa likaIsrayeli.


Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


UJehova wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.


Ngokuba manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade, amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba lapho njalo.


Ngokuba uJehova ulikhethile iSiyoni; wayefisa kube yindawo yakhe yokuhlala.


Kepha wakhetha isizwe sakwaJuda, iNtaba yaseSiyoni ayithandayo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?


Kodwa kabamemukelanga, ngoba ubuso bakhe babunjengokuya eJerusalema.


Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, ubeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.


Bamelwe ukuma entabeni yaseGerizimu ukuze babusise abantu lapho niwela iJordani; oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ