Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 14:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 14:23
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.


Ake sehle lapho, siphambanise ulimi lwabo, ukuze bangezwani inkulumo yomunye.


Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ohlala endaweni yokucasha yoPhezukonke uyakuhlala emthunzini kaSomandla.


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.


Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.


Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;


Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.


Yilokhu uthando, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo wokuba nihambe kuwo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.


Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ