Esteri 9:20 - Contemporary Zulu Bible 202420 UMoridekayi waloba lezi zinto, wathumela izincwadi kuwo wonke amaJuda ayesezifundazweni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, aseduze nakude; အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE20 UMoridekayi waziloba lezo zindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, abaseduze nabakude, အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202020 UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Base bebizwa ababhali benkosi ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga yokuqala, kulotshiwe njengakho konke uHamani ayekushilo ezikhulwini zenkosi nakubabusi ababephezu kwezifunda zonke, nakubabusi babo bonke abantu abavela emazweni. Isifunda ngasinye ngombhalo waso, nabantu, yileso naleso ngolimi lwaso; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwatywinwa ngendandatho yenkosi.
Ababhali benkosi basebebizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu eyinyanga kaSivani ngosuku lwamatshumi amabili lantathu lwayo; kulotshiwe njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho amaJuda, nezinduna, nezinduna, nababusi bezifunda, kusukela eNdiya kuze kube seKushe, izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa esifundazweni ngasinye njengokuloba kwaso, bonke abantu ngolimi lwabo, nakumaJuda ngokokuloba kwabo nangokwezilimi zabo.