Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




EkaJuda 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kepha lapho uMikhayeli, ingelosi enkulu ephikisana nosathane, bebanga isidumbu sikaMose, akalokothanga wakhuluma okubi ngaye, kodwa wathi: “INkosi mayikusole.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




EkaJuda 1:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide waphuma ukubahlangabeza, waphendula, wathi kubo: “Uma niza kimi ngokuthula ukungisiza, inhliziyo yami iyonamathela kini; kepha uma niza ukungikhaphela ezitheni zami, njengokuba kungekho bubi esandleni sami, uNkulunkulu wawobaba uyakubheka, akusole.


Ungahlambalazi onkulunkulu, ungathuki umbusi wabantu bakini.


Kepha umbusi wombuso wasePheresiya wamelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye; kodwa bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu, ufikile ukungisiza; ngahlala lapho namakhosi asePheresiya.


Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.


UJehova wayesethi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane! yebo, uJehova owakhetha iJerusalema uyakukhuza. Akusona isitsha somlilo esikhishwe emlilweni na?


Labadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo, besithi: Hawu, wena odiliza ithempeli, ulakhe ngensuku ezintathu!


Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho noyedwa olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.


Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;


ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.


Kodwa izingilosi, lezizinkulu ngamandla langokuqina, kazilethi icala lokuthuka phambi kweNkosi.


Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ