Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 50:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 ngoba uyazonda ukulaywa njalo ulahla amazwi ami ngemva kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 50:17
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wena wenze okubi kakhulu kunakho konke okwakungaphambi kwakho, ngokuba uhambile, wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukuba udlale ngami, wangilahla emva kwakho.


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Othanda ukulaywa uthanda ukwazi, kodwa ozonda ukusolwa uluhlaza.


Ukusolwa kulukhuni koshiya indlela, ozonda ukusolwa uyakufa.


Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.


olungisisa omubi ukuze azuze, asuse ukulunga kolungileyo kuye!


Bathi: “Akukho themba, kepha siyakuhamba ngokwamacebo ethu, kube yilowo nalowo enze amacebo enhliziyo yakhe embi.”


Abahlakaniphileyo bayajabha, bayesaba, bavalelwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova; kukhona ukuhlakanipha kuni na?


Uma nidelela izimiso zami, noma umphefumulo wenu unengwa izahlulelo zami, nize ningenzi yonke imiyalo yami, naphula isivumelwano sami;


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.


Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ