Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 50:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 50:15
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi:


Uma, lapho ububi busehlela, njengenkemba, isahlulelo, noma isifo, noma indlala, sima phambi kwale ndlu naphambi kobuso bakho (ngokuba igama lakho likule ndlu) bese ubiza osizini lwethu, khona-ke uzozwa futhi usize.


Kumelwe uthandaze kuye, futhi uyokuzwa, futhi kumelwe uzifeze izifungo zakho.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo.


Base bebiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ekuhluphekeni kwabo.


Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa.


Nina enimesabayo uJehova, mdumiseni; nonke nina nzalo kaJakobe, mdumiseni; nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli!


Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni.


Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule.


O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.


Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.


Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Ngacabanga ngoNkulunkulu, ngakhathazeka; ngakhononda, umoya wami waphela amandla. Sela.


Wakhala ekucindezelekeni, ngakusindisa; Ngakuphendula ngisendaweni yokucasha yokuduma, ngakuvivinya emanzini aseMeriba. Sela.


Ngokuba wena, Jehova, umuhle, ukulungele ukuthethelela; futhi kuvama umusa kubo bonke abakhuleka kuwe.


Ngosuku lokuhlupheka kwami ngizakhala kuwe, ngoba uzangiphendula.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Kodwa mina ngizalisindisa ngalolosuku, kutsho uJehova, njalo kawuyikunikelwa esandleni sabantu elibesabayo.


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.


Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;


Kodwa uNkulunkulu wadabula igodi elisemhlathini, kwaphuma amanzi kuyo; kwathi esephuzile, umoya wakhe wabuya, waphila; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi i-Eni-Hakore, eseLehi kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ