Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 135:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 135:6
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyazi ukuthi ungenza noma yini nokuthi akukho mcabango ongeke uvinjelwe.


Kodwa uNkulunkulu wethu usezulwini; Wenza akuthandayo.


Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba wakhuluma, kwaba; wayala, yaqhubeka imile.


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Bayokuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe kanye nezilwane zasendle; bayakukudlisa utshani njengezinkomo, kudlule kuwe izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, uwunike lowo athanda ukumnika wona.


Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’


Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.


Nguye owakha izindlu zakhe ezulwini, wamisa iqembu lakhe emhlabeni; obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ