Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 106:38 - Contemporary Zulu Bible 2024

38 Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo nelamadodakazi abo, abawahlabela onkulunkulu abangcolile baseKhanani; izwe langcoliswa ngegazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 106:38
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba bamcunule.


Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.


Uma nelula izandla zenu, ngiyakuwafihla amehlo ami kini; yebo, uma nikhuleka kakhulu, angiyikuzwa; izandla zakho zigcwele igazi.


Futhi umhlaba ungcolile phakathi kwabakhileyo kuwo; ngokuba beqile imithetho, baguqula isimiso, bephula isivumelwano esiphakade.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuze ahambele abakhileyo emhlabeni ngenxa yobubi babo;


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;


Futhi wathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawanikela ukuba adliwe. Kuyinto encane yini ubufebe bakho,


Uzakuthi: Itsho njalo iNkosi uJehova: Umuzi uchitha igazi phakathi kwawo, ukuze isikhathi sawo sifike, wenze kuwo izithombe zokuwungcolisa.


Yenzani iketanga, ngokuba izwe ligcwele ubugebengu begazi, nomuzi ugcwele ubudlova.


Ungavumeli noyedwa wenzalo yakho ukuba adabule uMoloki emlilweni, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho. Mina nginguJehova.


Izwe liyangcoliswa; ngalokho ngiyakuhambela ububi bakhe phezu kwalo, izwe liyabakhafula abakhileyo kulo.


Ngakho-ke aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyangcolisa izwe; nezwe alinakuhlanjululwa egazini elichithwa kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Ngakho kumelwe ukhiphe igazi elingenacala ngaphansi kwakho uma wenza okulungile emehlweni kaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ