Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 9:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Woza-ke, ake ngikuphe iseluleko, ukuze usindise impilo yakho leyendodana yakho uSolomoni.


Uma kungenjalo, uma inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni siyakuthiwa iziphambeko.


Ekufikeni kwakhe eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya waze wamchitha njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.


Lapho incwadi ifika kubo, bawathatha amadodana enkosi, babulala abantu abangamashumi ayisikhombisa, bafaka amakhanda awo emaqomeni, bamthumela eJizreyeli.


Wacatsha kuye endlini kaJehova iminyaka eyisithupha. U-Athaliya wasebusa phezu kwelizwe.


UJoramu esesukile embusweni kayise, waziqinisa, wabulala bonke abafowabo ngenkemba, nabanye bezikhulu zakwa-Israyeli.


Khona uHerode, ebona ukuthi uklolodelwe yizazi, wathukuthela kakhulu; isikhathi ayebuzisise ngaso kwabahlakaniphileyo.


Ethi: “Vuka, uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli, ngokuba bafile ababefuna ukuphila komntwana;


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwesihlahla somtholo esasise-Ofira, esingesikaJowashi umAbiyeze; uGideyoni indodana yakhe wayebhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuze amfihle kumaMidiyani.


UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.


UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisithupha esinqeni sakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.


Nivukele namuhla indlu kababa namadodana akhe, abantu abangamashumi ayisithupha neshumi, ababulala etsheni linye, nabeka u-Abimeleki, indodana yencekukazi yakhe, inkosi phezu kwabemi bakwaShekemi, ngokuba engumfowenu;)


Ngakho khulumani ezindlebeni zabo bonke abantu beShekema ukuthi: Yikuphi okungcono kini, ukuthi wonke amadodana kaJerubhali, angamashumi ayisithupha, anibuse, noma yilowo abuse phezu kwenu, na? futhi khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.


Base bebuthana bonke abantu baseShekemi nendlu yonke yeMilo, bahamba bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ