Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 8:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wasesithi kubo: Ngizacela isicelo kini ukuthi linginike, ngulowo lalowo ecicini lempango yakhe. (Ngokuba babenamacici egolide, ngokuba babengama-Ishmayeli.)

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Wayesethi uGideyoni kubo: “Ngiyacela kini, makube yilowo nalowo anginike icici kulawo eniwaphangile.” Isitha besinamacici egolide ngokuba bekungesakwa-Ishmayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 8:24
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandleni zayo, amashekeli ayishumi egolide;


Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.


Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari umGibhithe, incekukazi kaSara, amzalela u-Abrahama;


Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo ngemindeni yawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebhayoti; iKedari, i-Adibheli neMibisamu,


Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa, baphakamisa amehlo abo, babheka, bheka, kwafika isixuku sabakwa-Ishmayeli bevela kwaGileyadi namakamela alo ethwele izinongo, nebhalisamu, nomure, behlela ukukwehlisela eGibithe.


Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamkhipha uJosefa emgodini, bakhuphula uJosefa, bathengisa ngoJosefa kuma-Ishmayeli ngamashekeli angamashumi amabili esiliva; bamyisa uJosefa eGibithe.


Inkosi yakoIsrayeli yasiphendula yathi: Lishoni kuye ukuthi: Obhinca ibhanti lakhe kangazibongi njengolikhumulayo.


Abantwana bakwa-Israyeli benza njengezwi likaMose; baboleka kwabaseGibithe izinto zesiliva nezinto zegolide nezingubo.


Bonke abantu bagqabula amacici egolide ayesezindlebeni zabo, bawaletha ku-Aroni.


Wasithatha esandleni sabo, wasenza ngethuluzi lokugcoba, esesenze ithole elibunjiweyo; bathi: Laba bangonkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphulayo elizweni leGibhithe.


Baphambuka masinyane endleleni engabayala ngayo, bazenzela ithole elibunjiwe, balikhonza, balihlabela, bathi: “Naba onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphulile.” izwe laseGibhithe.


Ubuhle bemvunulo yakhe wabubeka ngobukhosi; kepha benza ngazo izithombe zabo ezinengekayo nezinengiso zabo; ngakho ngayibeka khatshana labo.


Base bephendula bathi: “Sizakunika ngokuthokoza.” Bendlala indwangu, yilowo nalowo waphonsa khona amasongo empango yakhe.


Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama yami engiyihlabele abagundi bami, ngiyinike abantu engingabaziyo ukuthi bavelaphi na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ