Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 20:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kwasekufika eGibeya amadoda akhethiweyo azinkulungwane ezilitshumi kuIsrayeli wonke, impi yayinzima, kodwa babengazi ukuthi ububi buphezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 20:34
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bachitha izinsuku zabo engcebweni, behlela endaweni yabafileyo ngokuphazima kweso.


Esiphambekweni somubi kukhona ugibe, kepha abalungileyo bayathokoza, bajabule.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


futhi umusa awukho kwabahlakaniphileyo; kodwa isikhathi nethuba kubafica bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe: njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nanjengezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo abantwana babantu bayathandeka ngesikhathi esesabekayo lapho sibafica ngokuzumayo.


Ngakho-ke ububi buyakwehlela; ngeke wazi lapho kuvela khona, futhi ububi buyokwehlela; ngeke ukwazi ukukulibazisa, futhi kungazelelwe kuyofika incithakalo ongayikuyazi.


Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.


Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Inkosi yase-Ayi ikubona lokho, baqeda masinyane nangovivi; abantu bomuzi baphuma ukulwa no-Israyeli, yona nabantu bayo bonke, ngesikhathi esimisiweyo phambi kwethafa; kodwa wayengazi ukuthi ngemva komuzi kwakukhona ababemqamekele.


UJehova wahlula uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala kwaBenjamini ngalolo suku izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke bahosha izinkemba zabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ