Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 18:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Amadoda amahlanu ayehambile ukuhlola izwe akhuphuka angena khona athatha isithombe esibaziweyo nesembatho sasemahlombe nezithixo zendlu nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ekungeneni kwesango namadoda angamakhulu ayisithupha ahlome izikhali zempi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka, bafika lapho, basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Lawo madoda ayisihlanu ayekade eyohlola izwe angena, athatha isithombe esibaziweyo, ingubo yamahlombe, itherafimi nesithombe esibunjiweyo. Umphristi wayemi ngasekungeneni kwesango namadoda angama-600 ayehlomile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 18:17
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULabani wahamba ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithombe zikayise.


Manje, noma wawufuna ukuhamba, ngokuba wawulangazelela indlu kayihlo, webeleni onkulunkulu bami na?


Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walichoboza, walifafaza phezu kwamanzi, wabaphuzisa abantwana bakwa-Israyeli.


Bheka, bonke bayize; imisebenzi yabo iyize, izithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nesiphithiphithi.


Bayamthwala emahlombe abo, bamthwale, bambeke endaweni yakhe, ame; kayikusuka endaweni yakhe; yebo, kukhona oyombiza, kodwa akakwazi ukuphendula noma ukophula osizini lwakhe.


Ngokuba inkosi yaseBabele yayimi emaphethelweni endlela, ekuqaleni kwezindlela ezimbili, ukuze ibhule;


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Ngiyakunquma izithombe zenu ezibaziweyo nezithombe zenu phakathi kwenu; futhi anisayikukhothamela umsebenzi wezandla zenu.


Amadoda ayisihlanu abeye ukuhlola izwe laseLayishe aphendula, athi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kulezi zindlu kukhona onkulunkulu bamatshe nendlu, nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? manje-ke qaphelani okufanele nikwenze.


Amadoda angamakhulu ayisithupha, ayehlome izikhali zempi, angabantwana bakwaDani, ayemi ekungeneni kwesango.


Angena endlini kaMika, athatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, nezithixo zendlu, nesithombe esibunjiweyo. Wayesethi umpristi kubo: “Nenzani na?


Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”


UJowashi wasesithi kubo bonke ababemelene laye: Lizammela yini uBhali? uzomsindisa na? noma ubani ofuna ukumncengela, makabulawe kusekusasa; uma engunkulunkulu, makazikhulumele, ngokuba kukhona odilizile i-altare lakhe.


UMigali wathatha isithombe esibaziweyo, wasibeka embhedeni, wabeka umcamelo woboya bembuzi engutsheni yawo, wasibekela ngendwangu.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ