Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 16:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Emva kwalokho wathanda owesifazane esigodini saseSoreki, ogama lakhe lalinguDelila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathi ngasemuva wathanda owesifazane esiGodini saseSoreki ogama lakhe lalinguDelila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Emveni kwalokho wathanda owesifazane wasesigodini iSoreki, igama lakhe kunguDelila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 16:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe, kanye nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, nabakwa-Amoni, nabakwa-Edomi, namaSidoni, namaHeti;


USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga ngalokho na? nokho phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi efana naye, ethandwa nguNkulunkulu wakhe, uNkulunkulu wamenza inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho wonisa abesifazane abezizwe.


Umlomo wowesifazane ongaziwa ungumgodi ojulile; omenyanya uJehova uyakuwela kulo.


Ngokuba isifebe singumgodi ojulile; nowesifazane ongaziwa ungumgodi omncane.


Njengenja ibuyela ebuhlanzweni bayo, isiwula sibuyela ebuwula baso.


Ngisho noma uhlahlela isiwula odakeni phakathi kukakolweni ngokuhlatshwa, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.


USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili, wavuka phakathi kobusuku, wathatha iminyango yesango lomuzi nezinsika zombili, wahamba nazo, imigoqo nakho konke, wakuthwala emahlombe akhe, wakuyisa emzini. Esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni.


Zase zifika kuye izikhulu zamaFilisti, zathi kuye: “Mlinge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu akuphi, nokuthi singamehlula kanjani, ukuze simbophe, simcindezele; siyakukunika, kube yilowo nalowo amashekeli esiliva ayishumi nekhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ