Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 7:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngoba umisile abantu bakho uIsrayeli ukuthi babe ngabantu bakho kuze kube nininini; wena Jehova waba nguNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Wazimisela abantu bakho, u-Israyeli, ukuba babe ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade ube nguNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 7:24
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho njengo-Israyeli, uNkulunkulu ahamba ukuzihlengela sona njengesizwe, nokumenzela igama, akwenzele izinto ezinkulu nezesabekayo ezweni lakho, phambi kwabantu bakho owabahlenga, eGibithe, ezizweni nakonkulunkulu bazo?


Manje, Jehova Nkulunkulu, izwi owalikhuluma ngenceku yakho nangendlu yayo liqinise kuze kube phakade, wenze njengokukhuluma kwakho.


Ngoba wenzile abantu bakho uIsrayeli babe ngabantu bakho kuze kube nininini; wena Jehova waba nguNkulunkulu wabo.


Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.


UJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami; unguNkulunkulu wami, ngiyakumlungisela indawo yokuhlala; uNkulunkulu kababa, ngiyakumphakamisa.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.


“Ngaleso sikhathi,” usho uJehova, “ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, bona babe ngabantu bami.


Kodwa yilesi isivumelwano engizasenza lendlu kaIsrayeli; Emva kwalezo zinsuku, usho uJehova, ngiyakubanikeza umthetho wami phakathi kwabo, ngiwulobe enhliziyweni yabo; futhi bayoba nguNkulunkulu kubo, futhi bayoba abantu Kimi.


Bazakuba ngabantu bami, lami ngibe nguNkulunkulu wabo.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;


UJehova unimisile namuhla ukuba nibe ngabantu bakhe abakhethekile njengokunithembisa kwakhe, nigcine yonke imiyalo yakhe;


UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma ku-Israyeli wonke, bathi: “Qaphela, uzwe, Israyeli! namuhla usube yisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.


Nimbuyisela kanje uJehova nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akusiye uyihlo okuthengileyo? Akanenzanga futhi wanimisa na?


enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ