Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 21:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 21:16
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka weshumi nane uKedori-Lawomere namakhosi ayenaye beza, bawachitha amaRefa e-Ashiteroti-Karnayimi, namaShushi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi;


Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.


Emva kwalokho kwaba nenye impi namaFilisti eGobi;


Kwabuye kwaba khona futhi impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude kakhulu, eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye nezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, ingamashumi amabili nane ngenani; futhi naye wazalelwa umdondoshiya.


Labo bane bazalelwa umdondoshiya eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.


AmaFilisti afika, ahlakazeka esigodini samaRefa.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


Kodwa abantu abahlala kulelo zwe baba namandla, nemizi ibiyelwe ngezindonga, mikhulu kakhulu; futhi sabona nabantwana bakwa-Enaki lapho.


Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.


Ama-Emi ayehlala kulo, abantu abakhulu, abaningi nabade njengama-Anaki;


nabo babebalwa njengamaRefa njengama-Anaki; kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.


abantu abakhulu, abaningi nabade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babalandela, bahlala endaweni yabo.


Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.


abantu abakhulu nabade, abantwana bama-Enaki obaziyo, ozwile ukuthi: Ngubani ongema phambi kwabantwana bakwa-Enaki?


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.


UKalebi wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSeshayi, no-Ahimani, noTalimayi, amadodana ka-Anaki.


Udondolo lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; ikhanda lomkhonto wakhe lalingamashekeli angamakhulu ayisithupha ensimbi, nophethe isihlangu waphuma phambi kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ