Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 20:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavida wasesithi kuAbishayi: Khathesi uSeba, indodana kaBigi, uzasenzela okubi okwedlula uAbisalomu; thatha inceku zenkosi yakho, umsukele, ukuze angazithatheli imizi ebiyelweyo, siphunyuke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Wayesethi uDavide ku-Abhishayi: “USheba, indodana kaBhikhiri, izokwenza kithi umonakalo omkhulu kunalowo ka-Absalomu. Thatha izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa aze azitholele imizi ebiyelweyo, aphele emehlweni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 20:6
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu ayabaleka, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kubantwana bakwa-Amoni, wafika eJerusalema.


U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto.


Wayesethi lowo muntu kuJowabe: “Noma ngathola esandleni sami amashekeli ayinkulungwane esiliva, bengingeke ngiphakamise isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba inkosi yayala wena no-Abishayi no-Ithayi phambi kwezindlebe zethu, yathi: “Dlulani! akekho othinta insizwa u-Absalomu.


UDavide wathuma ingxenye yesithathu yabantu phansi kwesandla sikaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yasisithi ebantwini: Mina ngizaphuma lami lami.


Manje sukuma, uphume, ukhulume ngokukhululeka ezincekwini zakho; ngokuba ngifunga uJehova, uma ungaphumi, akuyikubakho muntu ohlala nawe ngalobu busuku; futhi kuyoba kubi kini ngaphezu kwakho konke okubi okuzayo. Kusukela ebusheni bakho kuze kube manje.


Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene.


Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Yena waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwabathathu.


UJowabe nomfowabo u-Abishayi bambulala u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli empini eGibeyoni.


Futhi ngibuthakathaka namuhla, noma ngagcotshwa njengenkosi; lawa madoda, amadodana kaSeruya, alukhuni kimi; uJehova uyakubuyisela umenzi wobubi njengobubi bakhe.


Inkosi yasisithi kubo: Thathani izinceku zenkosi yenu, lihambe lani, uSolomoni indodana yami agibele umnyuzi wami, limehlisele eGihoni.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu;


U-Abishayi indodana kaSeruya wakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti wabulala izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.


Sihlalelani? buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sithule khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usithulisile, wasinika inyongo ukuba sinathe, ngokuba sonile kuJehova.


Futhi uba umbuso uhlukene phakathi, lowombuso ungeme.


UDavide waphendula, wathi ku-Ahimeleki umHeti, naku-Abishayi, indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani oyakwehla nami kuSawule ekamu na?” Wathi u-Abishayi: “Ngiyakwehla nawe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ