Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 17:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 17:23
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.


Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.


Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


Ngemva kwalokho uDavide waqeda kanye nawo wonke amadoda ayenaye, bawela iJordani;


Lapho uZimri ebona ukuthi umuzi uthathiwe, wangena esigodlweni sendlu yenkosi washisa indlu yenkosi ngomlilo phezu kwakhe wafa.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya, indodana ka-Amose, wafika kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho; ngoba uyakufa, ungaphili.


Akukhona yini ukubhujiswa kwababi? nesijeziso esiyinqaba kubenzi bokubi na?


Lokhu makube ngumvuzo wezitha zami zikaJehova nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.


Babhubhise, Nkulunkulu; mabawe ngamacebo abo; baxoshe ngobuningi beziphambeko zabo; ngoba bakuhlubukile.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya ozidlayo wandulela ukuwa.


Ubuwula bomuntu buphendukezela indlela yakhe, nenhliziyo yakhe ithukuthelele uJehova.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya indodana ka-Amose weza kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikuphila.


Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ