Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 15:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke badabula; nenkosi yadabula umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngendlela yasehlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu. Abantu bonke bawela, nenkosi nayo yawela umfudlana iKidroni; abantu bonke bawela ngendlela yasogwadule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 15:23
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethi ku-Ithayi: “Dlula.” U-Ithayi umGiti wadabula namadoda akhe nabo bonke abantwana ababenaye.


Bheka, ngiyakuhlala emathafeni asogwadule, kuze kufike izwi elivela kini lokungibika.


Inkosi yasisithi kuSiba: Uthini ngalokhu? USiba wayesethi: “Izimbongolo zikhwele indlu yenkosi; nesinkwa nezithelo zasehlobo ukuba zidle izinsizwa; newayini, ukuze baphuze abakhathele ogwadule.


Futhi nonina uMaga, naye wasusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo esihlahleni; u-Asa wachitha isithombe sakhe, wasishisa emfudlaneni iKidroni.


Ngokuba mhla uphuma, udabula umfudlana iKidroni, uyakwazi nokwazi ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba phezu kwekhanda lakho.


Abapristi bangena endlini kaJehova ukuba bayihlanze, baletha konke ukungcola abakufumana ethempelini likaJehova egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha ukuba akukhiphele emfudlaneni iKidroni.


Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.


Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,


Ngokuba nguyena okwakhulunywa ngaye u-Isaya umprofethi, ethi: “Izwi lomemeza ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’


Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.


UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ