Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 3:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 3:15
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngoba ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esemncane, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, neziqu zemithi, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi.


O Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami, kuze kube manje ngimemezele izimangaliso zakho.


Fundisa umntwana indlela ekufanele ahambe ngayo, futhi lapho esekhulile ngeke aphambuke kuyo.


Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.


UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.


Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?


Wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo;


Kepha uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani amazwi ami na?


Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.


Sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa esihlahleni, bambeka ethuneni.


Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.


UPawuli njengomkhuba wakhe wangena kubo, lamasabatha amathathu wabonisana labo ngemibhalo.


Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.


(ayayithembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele,)


Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;


Nongasokile ngokwemvelo, uma egcina umthetho, uyakukwahlulela wena oweqa umthetho ngokomthetho nokusoka na?


Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Nani bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Ngakho-ke gcina, ukwenze; ngokuba kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu phambi kwamehlo ezizwe eziyakuzwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabahlakaniphileyo.


Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,


Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.


njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ