Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha endlini enkulu azikho izitsha zegolide nezesiliva kuphela, kodwa nezemithi nezebumba; lezinye ngezodumo, labanye ziyihlazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha endlini enkulu akuhlali kuphela izitsha zegolide nezesiliva, kodwa nezokhuni nezebumba; ezinye ngezihloniphekileyo, ezinye ngezingahloniphekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kepha endlini enkulu azikho izitsha zegolide nezesiliva kuphela, kodwa nezemithi nezebumba; lezinye ngezodumo, labanye ziyihlazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 2:20
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke ababebazungezile baqinisa izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezilwane, nangezinto eziyigugu, ngaphandle kwakho konke okwanikelwa ngokuzithandela.


Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBhabhiloni, mazibuyiswe, zibuyiselwe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso nendawo yaso endlini kaNkulunkulu.


Uyakwenza izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimpondo zalo, nemicengezi yalo yomlilo; zonke izitsha zakhe uzenze ngethusi.


Amadodana ayigugu aseSiyoni alingana negolide elihle, yeka ukuthi abhekwa njengezitsha zebumba, umsebenzi wezandla zombumbi!


UBelishasari, enambitha iwayini, wathi kulethwe izitsha zegolide nezesiliva uyise uNebukadinesari azithatha ethempelini laseJerusalema; ukuze inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze kulo.


UJesu waphendula wathi: “Anginademoni; kodwa mina ngidumisa uBaba, kodwa lina liyangidumaza.


Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?


Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.


enibuye nakhiwe ndawonye kuye, nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Kepha uma ngilibala, ukuze wazi ukuthi kufanele ukuziphatha kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ