Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 1:5
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

O Jehova, isibili, ngiyinceku yakho; ngiyinceku yakho nendodana yencekukazi yakho; Uzithukululile izibopho zami.


(Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo.


Ngokushesha nje lapho bezwa ngaMi, bayongilalela; abafokazi bazozithoba Kimi.


Ngaphonswa phezu kwakho kwasesiswini sikanina; Wena unguNkulunkulu wami kwasesiswini sikamame.


Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.


Ebusuku ngikhumbula ukuhlabelela kwami, ngikhuluma enhliziyweni yami, nomoya wami ukufunisisa.


Abazondayo uJehova bebeyakuzithoba kuye, kepha isikhathi sabo siyakuma phakade.


Phenduka kimi, ube nomusa kimi; nika amandla akho encekwini yakho, ukhulule indodana yencekukazi yakho.


Kodwa ngenxa yakho konke lokhu udadewabo okhohlisayo uJuda akabuyelanga kimi ngenhliziyo yakhe yonke, kodwa ngenkohliso, usho uJehova.


UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.


Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.


Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini.


Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo;


Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke. Yilowo nalowo makaqiniseke kweyakhe ingqondo.


Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana.


Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza.


Ngoba ngileqiniso ukuthi loba ukufa, loba ukuphila, loba izingilosi, loba iziphathamandla, loba izinto ezikhona, loba izinto ezizayo;


ngobumsulwa, ngolwazi, ngokubekezela, ebubeleni, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisiyo,


Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;


Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.


Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ