Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe encwadini kaNathani umprofethi nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:29
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.


Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide, babengekho ku-Adoniya.


UJerobowamu, indodana kaNebati, umEfrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguZeruwa umfelokazi, yebo, wasiphakamisela isandla sakhe enkosini.


Kwathi ngaleso sikhathi uJerobowamu ephuma eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni; wembatha ingubo entsha; babebodwa endle bobabili.


UJerobowamu wayesethi kumkakhe: “Sukuma, uzifihle, ukuze ungazi ukuthi ungumkaJerobowamu; waya eShilo; bheka, nangu umprofethi u-Ahíya owangitshela ukuthi kufanele ngibe yinkosi phezu kwalaba bantu.


Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,


Kwathi uJerobowamu indodana kaNebati eseGibithe, lapho ayebalekele khona ebusweni benkosi uSolomoni, ekuzwa lokho, uJerobowamu wabuya eGibithe.


Imilando kaRehobowamu, eyokuqala neyokugcina, ayilotshiwe yini encwadini yomprofethi uShemaya neyomboni u-Ido, ngezizukulwane na? Kwakukhona njalo izimpi phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.


Ezinye izindaba zika-Abhiya nezindlela zakhe namazwi akhe zichazwe endabeni yomprofethi u-Ido.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ