Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 neBhahalati nayo yonke imizi yokugcina impahla uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yempi, nemizi yabamahhashi, nakho konke uSolomoni ayethanda ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nakulo lonke izwe lombuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Wakha neBhalathi, nayo yonke imizi eyizinqolobane. Yonke imizi yezinqola, imizi yabamahhashi, kwakungekaSolomoni, nakho konke ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 8:6
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi, waba nezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, wakunika imizi yezinqola nenkosi yaseJerusalema.


Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude balo babuyizingalo eziyikhulu, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amahlanu, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezingamashumi amathathu, phezu kwezinhlu ezine zezinsika zemisedari, nemishayo yemisedari phezu kwezinsika.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova nendlu yenkosi, nazo zonke izifiso zikaSolomoni ayethanda ukuzenza,


USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi, waba nezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, wakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


UJehoshafati waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yengcebo kwaJuda.


Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokugcina impahla ayakha eHamati.


Wakha neBeti Horoni laseNhla neBeti Horoni lasezansi, imizi ebiyelweyo enezindonga, namasango, nemigoqo;


Bonke abantu ababesele kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ababengebona abakwa-Israyeli,


Ngizenzele imisebenzi emikhulu; ngazakhela izindlu; ngatshala izivini zami;


Woza nami eLebanoni, makoti wami, sisuke eLebanoni, ubuke usesiqongweni sase-Amana, esiqongweni saseSeniri naseHermoni, nasemigodini yezingonyama, nasezintabeni zezingwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ