2 iziKronike 7:5 - Contemporary Zulu Bible 20245 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili; inkosi nabo bonke abantu bayingcwelisa indlu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20205 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli, bayibusisa kanjalo-ke indlu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli.
Kuyakuba ngeyesikhulu ukuletha iminikelo yokushiswa, neminikelo yokudla, neminikelo yokuphuzwayo ngemikhosi, nangokuthwasa kwenyanga, nangamasabatha, ngayo yonke imikhosi yendlu yakwa-Israyeli; kumelwe alungise umnikelo wesono. Nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula, ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.