Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova uyakumshaya u-Israyeli njengokunyakaziswa kohlanga emanzini, anqume u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, ngokuba bazenzele izihlahla ezingcwele, oklolodela uJehova.


Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, badiliza ugange lwaseJerusalema, bashisa zonke izigodlo zalo ngomlilo, bachitha zonke izitsha zalo ezinhle.


Usenza inhlekisa phakathi kwezizwe, ukunikina amakhanda phakathi kwabantu.


Ngokunjalo uNkulunkulu uyakunibhubhisa kuze kube phakade; uyakukuthatha, akuklebhule endaweni yakho yokuhlala, akunqume ezweni labaphilayo. Sela.


Kepha uma bengalaleli, ngiyakushaya leso sizwe ngesiqalekiso, ngisichithe,” usho uJehova.


Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa.


Kungasiphi isikhathi engiyokhuluma ngaso ngesizwe nangombuso ukuba ngiwusiphule futhi ngiwubhidlize futhi ngiwubhubhise;


Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zithi, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe: ‘UJehova wenzeleni lokhu kulo muzi omkhulu na?


Ngiyakubanikela ukuba banyakaze emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yobubi babo, isihlamba nesaga, inhlekisa nesiqalekiso, ezindaweni zonke engiyobaxosha kuzo.


Kuyothi lapho ngibabhekile ukubadwengula, ngidilize, ngidilize, ngichithe, ngicindezele; kanjalo ngiyakubalinda ukuba bakhe, ngitshale,” usho uJehova.


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Ngakho kumelwe uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova; Bheka, engikwakhileyo ngiyakudiliza, nalokho engikutshalile ngiyakudiliza, yebo, lonke leli zwe.


Ngakho ngiyakuletha abezizwe ababi kakhulu, badle izindlu zabo; nezindawo zabo ezingcwele ziyongcoliswa.


Ngokuba uma nimfulathela, uyakubuye abashiye ehlane; futhi uzobhubhisa sonke lesi sizwe.


Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.


UJehova wabasiphula ezweni labo ngokuthukuthela nangokufutheka nangokufutheka okukhulu wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.


Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ