Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nezisulu; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:1
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu.


Nibize igama lawonkulunkulu benu, mina ngibize igama likaJehova; futhi uNkulunkulu ophendula ngomlilo, makabe uNkulunkulu. Baphendula bonke abantu, bathi: “Kukhulunywe kahle.”


Khona-ke umlilo kaJehova wehla waqeda umnikelo wokushiswa nezinkuni namatshe nothuli wakhotha namanzi ayesemseleni.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova nendlu yenkosi, nazo zonke izifiso zikaSolomoni ayethanda ukuzenza,


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa neyokubonga, wakhuleka kuJehova; wamphendula ngomlilo ovela ezulwini phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa.


Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona.


Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.


Lapho ngiyohlangana nabantwana bakwa-Israyeli, futhi itabernakele liyongcweliswa ngenkazimulo yami.


Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe.


UMoya wangiphakamisa, wangisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Wayesengilethela indlela evela eSangweni Lasenyakatho phambi kwendlu; ngabona, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso.


Kwathi ngisakhuluma, ngikhuleka, ngivuma isono sami nesono sabantu bami u-Israyeli, ngilethe ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngenxa yentaba engcwele kaNkulunkulu wami;


Khona-ke umhlatshelo wakwaJuda nowaseJerusalema uyakuba muhle kuJehova njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.


Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ