Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma abantu bakho u-Israyeli behlakulelwa isitha, ngokuba bonile kuwe; ngiyobuya, balivume igama lakho, bakhuleke, bancenge phambi kwakho kule ndlu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Uma abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 “Uma abantu bakho, u-Israyeli, benqotshwa yisitha ngenxa yokuba bonile kuwe, bese bephenduka bebuyela kuwe, bavume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe bekule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:24
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owabanika lona kanye nawoyise.


Uyasisusa esitheni, nabasizondayo baziphange bona.


Ngonile kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, ucace ekwahluleleni kwakho.


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Bayowela omunye komunye njengenkemba, kungekho obaxoshayo; futhi ngeke nibe namandla okuma phambi kwezitha zenu.


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


Ngalokho uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kini, ngendlala, nangokoma, nangobuze, nangokuswela konke; iyakubeka ijoka lensimbi entanyeni yakho ize ikuchithe.


O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na?


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ