Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ukuze amehlo akho avuleke imini nobusuku ngale ndlu, ngendawo othe uyakubeka kuyo igama lakho kuyo; ukuze uzwe umkhuleko inceku yakho ewukhulekayo kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jehova, beka indlebe yakho, uzwe; vula, Jehova, amehlo akho, ubuke, uzwe amazwi kaSaneheribi amthume ukuba ahlambalaze uNkulunkulu ophilayo.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Uma, lapho ububi busehlela, njengenkemba, isahlulelo, noma isifo, noma indlala, sima phambi kwale ndlu naphambi kobuso bakho (ngokuba igama lakho likule ndlu) bese ubiza osizini lwethu, khona-ke uzozwa futhi usize.


Bheka-ke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, ukuba uzwe ukukhala nomkhuleko inceku yakho ewukhulekayo phambi kwakho.


Manje, Nkulunkulu wami, ake amehlo akho avuleke, izindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami ezweni laseGibithe, angikhethanga muzi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona lapho; futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Khathesi amehlo ami azavuleka lezindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule indawo.


Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile.


UJehova unguMlindi wakho; uJehova uyisithunzi sakho ngakwesokunene sakho.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.


uthathe okokuqala kuzo zonke izithelo zomhlaba owukhipha ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ukuphonse kubhasikidi, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo. Faka igama lakhe lapho.


Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ