2 iziKronike 33:3 - Contemporary Zulu Bible 20243 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise ayezidilizile, wamisela oBhali ama-altare, wenza nemithi, wakhuleka, walikhonza ibandla lonke lasezulwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20203 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kwathi sekuphelile konke lokho, wonke u-Israyeli owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphahlaza izinsika, wagawula izihlahla, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kuwo wonke uJuda noBenjamini, kwa-Efrayimi noManase. Futhi, baze babashaya bonke ngesiqalekiso. Bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.