Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waziqinisa, wakha ugange lonke olwaludiliziwe, waluphakamisa kwaze kwaba semibhoshongweni nolunye ugange ngaphesheya, wabuyisela iMilo emzini kaDavide, wenza imicibisholo nezihlangu ukuba zibe ziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe, wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle, waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 UHezekiya waziqinisa, wakha lonke ugange lomuzi olwaludiliziwe, wamisa imibhoshongo phezu kwalo; wakha nolunye ugange ngaphandle. Waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahamba wayohlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha inhlangothi zonke, ethabathela eMilo nangaphakathi.


Yilesi isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini: USolomoni wakha iMilo, walungisa izimfa zomuzi kaDavide uyise.


Indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona uSolomoni; wabe eseyakha iMilo.


Izinceku zakhe zasukuma zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ehlela eSila.


Umuzi wabhodlozwa, wonke amadoda empi abaleka ebusuku ngesango eliphakathi kwezingange ezimbili ezingasensimini yenkosi; amaKaledi ayemelene nomuzi nxazonke, inkosi yahamba yaya ethafeni.


Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye.


Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wathatha izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaSigri, yenza isivumelwano naye.


UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amaziya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube sekugcineni. ESangweni Legumbi: izingalo ezingamakhulu amane.


Abantwana bakwa-Amoni bamnika u-Uziya izipho; igama lakhe laphumela ekungeneni kwaseGibithe; ngoba waziqinisa kakhulu.


Emva kwalokho wakha ugange ngaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kweGihoni esigodini kwaze kwaba sekungeneni kweSango Lezinhlanzi, walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu. Kuyo yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda.


Ongabusi umoya wakhe ufana nomuzi obhidliziweyo ongenaludonga.


Kwathi uZedekhiya inkosi yakoJuda ebabona lawo wonke amadoda empi, babaleka baphuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi, ngesango phakathi kwezingange zombili, waphuma endleleni yasethafeni.


Akekho ongasunduza omunye; bayakuhamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, uma bewa ngenkemba, abayikulinyazwa.


Base bebuthana bonke abantu baseShekemi nendlu yonke yeMilo, bahamba bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ