Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: “Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho phezu kwalo, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho,’ na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-althare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-althare linye, nishise impepho kulo na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wazenza zonke izinto zendlu kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa;


Kepha uma nithi kimi: ‘Simethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe uHezekiya akudilizile, wathi kuJuda neJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema na?


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.


Basuka, basusa ama-altare ayeseJerusalema, nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Kwathi sekuphelile konke lokho, wonke u-Israyeli owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphahlaza izinsika, wagawula izihlahla, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kuwo wonke uJuda noBenjamini, kwa-Efrayimi noManase. Futhi, baze babashaya bonke ngesiqalekiso. Bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


UHezekiya ubengafanele yini ukuniyenga ukuba nizinikele ekubulaweni yindlala nokoma, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wethu uyakusophula esandleni senkosi yase-Asiriya?


Kodwa abantu babelokhu behlabela ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo yedwa.


Wenza i-altare lethusi, ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo buyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Kepha uma nithi kimi: ‘Simethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe uHezekiya akudilizile, wathi kuJuda neJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ