Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 28:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho uJehova uNkulunkulu wakhe wamnikela esandleni senkosi yase-Aramu; bamehlula, bathumba kubo isixuku esikhulu, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli, yamshaya ngokuceka okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 USimakade uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 28:5
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba impi yama-Aramu yafika nesixuku esincane samadoda; uJehova wanikela esandleni salo impi enkulu kakhulu, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Ngakho bamahlulela uJowashi.


Ngokuba bhekani, obaba bawile ngenkemba, namadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokhu.


Ngakho uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya, ezambamba uManase emeveni, zambopha ngamaketanga, zamyisa eBabele.


Ngakho wabehlisela inkosi yamaKhaladiya eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yendlu yabo engcwele, futhi ayizange ihawukele insizwa noma intombi, ixhegu noma okhothama ngenxa yobudala. Akahambanga; wabanika bonke esandleni sakhe.


UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


Ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya inkosi yakwaJuda uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya inkosi yakwa-Israyeli benyukela eJerusalema ukulwa nalo, kodwa akakwazanga ukukunqoba.


Masikhuphuke silwe noJuda, simxabanise, sisenzele ukufohla, sibeke inkosi phakathi kwakhe, indodana kaThabehali.


Bungakabonakali ububi bakho, njengasesikhathini sokuhlanjalazwa kwakho amadodakazi ase-Aramu nabo bonke abayihaqayo, amadodakazi amaFilisti, ayekudelela nxazonke.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ