Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba, ngokuba wayecashile eSamariya, bamyisa kuJehu; sebembulale bammbela; ngoba bathi uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe. Ngakho indlu ka-Ahaziya yayingenawo amandla okuthulisa umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Wamfuna u-Ahaziya, wamthola ebanjiwe ngokuba wayecashe eSamariya, bamyisa kuJehu; bambulala, bamngcwaba ngokuba bathi: “Lo uyindodana kaJehoshafathi, owamfuna uSimakade ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamuntu ongagcina umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambiza umuntu kaNkulunkulu owayevela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi weqile umlomo kaJehova, awugcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,


Wonke u-Israyeli uyakumlilela, amngcwabe, ngokuba nguye yedwa wakwaJerobowamu oyakungena ethuneni, ngokuba kwafunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.


Esengenile, wadla, waphuza, wathi: “Hambani nibheke lo wesifazane oqalekisiweyo, nimngcwabe, ngokuba uyindodakazi yenkosi.”


Kodwa okuhle kwatholakala kuwe ngoba wasusa izihlahla elizweni, walungisa inhliziyo yakho ukuthi ifune uNkulunkulu.


Bakhuphukela kwaJuda, bafohla khona, bathumba yonke impahla eyatholakala endlini yenkosi, namadodana ayo, nawomkayo; akwaze kwasala ndodana kuye, kuphela uJehowahazi omncane emadodaneni akhe.


Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema; Kodwa bammbela emzini kaDavide, kodwa hhayi emathuneni amakhosi.


UJoramu esesukile embusweni kayise, waziqinisa, wabulala bonke abafowabo ngenkemba, nabanye bezikhulu zakwa-Israyeli.


Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumana izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya, wababulala.


Esemukile kuye (ngokuba amshiya enesifo esikhulu), izinceku zakhe zamakhela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela. Emzini kaDavide, kepha abammbelanga emathuneni amakhosi.


Kwathi emva kwesikhathi u-Amasiya asuka ngaso kuJehova bamakhela uzungu eJerusalema; wabalekela eLagishi, kepha bathumela eLagishi, bambulala khona.


Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ