Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJoramu esesukile embusweni kayise, waziqinisa, wabulala bonke abafowabo ngenkemba, nabanye bezikhulu zakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UJehoramu esemile embusweni kayise waziqinisa impela, wabe esebulala bonke abafowabo ngenkemba, nabathile ababengabaholi kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:4
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.


Woza-ke, ake ngikuphe iseluleko, ukuze usindise impilo yakho leyendodana yakho uSolomoni.


Kepha wena wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza ukuba uJuda nabakhileyo eJerusalema baphinge, njengezifebe zendlu ka-Ahabi, wabulala nabafowenu bendlu kayihlo ababengcono kunawe;


Bakhuphukela kwaJuda, bafohla khona, bathumba yonke impahla eyatholakala endlini yenkosi, namadodana ayo, nawomkayo; akwaze kwasala ndodana kuye, kuphela uJehowahazi omncane emadodaneni akhe.


Kodwa lapho u-Athaliya unina ka-Ahaziya ebona ukuthi indodana yakhe ifile, wasukuma wabhubhisa yonke inzalo yobukhosi yendlu yakwaJuda.


Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumana izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya, wababulala.


Lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.


Kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ