Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kwase kufika kuye incwadi evela kumprofethi uEliya, yathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngokuba awuhambanga ngezindlela zikayihlo uJehoshafati nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, hamba,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwafika kuye incwadi iphuma ku-Eliya umprofethi, ithi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: ‘Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Wahamba ezindleleni zonke zika-Asa uyise; akaphambukanga kukho ngokwenza okulungile emehlweni kaJehova; kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; ngoba abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, bathunqa intuthu.


Kwathi uJehova esenyusele u-Eliya ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wahamba no-Elisha besuka eGiligali.


Kwathi besakhuluma, kwabonakala inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabadabula bobabili; u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


U-Abiya wayeselala koyise, bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ezinsukwini zakhe izwe lalinokuthula iminyaka eyishumi.


Zithathele umqulu, ulobe kuwo wonke amazwi engawakhuluma kuwe ngo-Israyeli, ngoJuda, nangokumelene nazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube manje usuku.


Futhi kwenzeka ukuthi uJehudi esefunde iziqephu ezintathu noma ezine, wazisika ngommese wokubhala waziphonsa emlilweni owawuseziko, waze waqedwa wonke umqulu emlilweni owawuseziko.


Ngaleso sikhathi kwaphuma iminwe esandleni somuntu yabhala phezu kothi lwesibani odongeni olunamekiwe lwendlu yenkosi, inkosi yabona ingxenye yesandla esibhalayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ