Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:7
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


Ngoba lonke ilizwe olibonayo ngizalinika wena lenzalo yakho kuze kube nininini.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.


Bahlala kulo, bazakhela kuyo indlu engcwele yegama lakho, bathi:


Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile.


Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha izizwe, wawutshala.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


Kepha wena Israyeli, uyinceku yami, uJakobe engikukhethileyo, inzalo ka-Abrahama umngane wami.


Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.


Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


ukuba axoshe phambi kwakho izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, ukuba akungenise, akunike izwe lazo libe yifa lakho, njengokuba kunjalo namuhla.


Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.


Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo.


Ngokuba uJehova waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla phambi kwenu, kepha nina akukho muntu okwazile ukuma phambi kwenu kuze kube namuhla.


Nganinika izwe eningalisebenzelanga, nemizi eningayakhanga, nahlala kuyo; izivini neminqumo eningayitshalanga niyadla.


Ngamthatha uyihlo u-Abhrahama ngaphetsheya kukazamcolo, ngamhambisa elizweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe ngamnika u-Isaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ