Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehoshafati wakhothamisa ubuso bakhe bubheke phansi; noJuda wonke nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova, bakhuleka kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 UJehoshafathi wayesekhothama, wathi mbo ngobuso emhlabathini. UJuda wonke nezakhamuzi zaseJerusalema bakhothama phambi kukaSimakade, bakhuleka kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:18
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indoda yagebisa ikhanda, yakhuleka eNkosini.


AmaLevi, kubantwana bamaKohati nakubantwana bamaKhori, asukuma ukuba adumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu phezulu.


Kwathi sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka;


Kwathi bonke abantwana bakwa-Israyeli bebona ukuthi umlilo wehla nenkazimulo kaJehova phezu kwendlu, bakhothama ubuso babo bubheke phansi endaweni egandayiwe, bakhuleka, bamdumisa uJehova, bathi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade.


U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ