Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bafundisa kwaJuda, benencwadi yomthetho kaJehova, badabula imizi yakwaJuda, bafundisa abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.


Ngaphezu kwalokho, uJehoshafati wamisa eJerusalema emaLevi, nakubapristi, nasezinhloko zezindlu zawoyise bakwa-Israyeli, ukuba kube ngukwahlulela kukaJehova nokubambana, lapho sebebuyele eJerusalema.


Wathi kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova: “Bekani umphongolo ongcwele endlini uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, ayakhayo; ngeke kube umthwalo emahlombe enu; manje khonzani uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli,


OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo.


Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami.


Kwathi sekufundiwe umlayo labaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, besithi: Madoda, bazalwane, uba lilolizwi lokukhuthaza abantu, khulumani.


Ngokuba uMose kwasendulo unabamshumayelayo emizini yonke, efundwa emasinagogeni isabatha ngamasabatha.


Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.


Kuningi ngezindlela zonke; okokuqala, ngokuba baphathiswa amazwi kaNkulunkulu kubo.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ