Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 kepha wafuna uJehova uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungenjengokwenza kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe.


Le nto yaba yisono, ngokuba abantu bahamba ukukhuleka phambi kwayo kwaDani.


Wanikela ngomhlatshelo e-altare alenzayo eBethele ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, ngenyanga abeyicabangile kweyakhe inhliziyo; walungisela abantwana bakwa-Israyeli idili, walibeka e-altare, wanyusa impepho.


USolomoni wamthanda uJehova ngokuhamba ezimisweni zikayise uDavide; wanikela kuphela ezindaweni eziphakemeyo, wadedela intuthu.


Uma uhamba phambi kwami njengokuhamba kukayihlo uDavide ngobuqotho benhliziyo nangobuqotho, ukwenza njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami;


NoJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli ababezenzile.


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lalinokuthula, kwakungekho mpi ngaleyo minyaka; ngoba iNkosi yamnika ukuphumula.


UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akabafunanga oBali;


Kwase kufika kuye incwadi evela kumprofethi uEliya, yathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngokuba awuhambanga ngezindlela zikayihlo uJehoshafati nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, hamba,


Wamfuna u-Ahaziya, bambamba, ngokuba wayecashile eSamariya, bamyisa kuJehu; sebembulale bammbela; ngoba bathi uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe. Ngakho indlu ka-Ahaziya yayingenawo amandla okuthulisa umbuso.


UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, njengalokho enzile uDavide uyise.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, akaphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


ukuze nihambe ngokufanele uNkulunkulu owanibizela embusweni nasenkazimulweni yakhe.


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ