Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nabanye bamaFilisti baletha izipho nemali yentela kuJehoshafati; ama-Arabhu aletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimbuzi eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabanqoba abakwaMowabi, wabalinganisa ngomucu wokulinganisa, wabaphonsa phansi; walinganisa ngezintambo ezimbili zokulinganisa ukubulala, nangomucu owodwa ogcweleyo ukugcina uphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, baletha izipho.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni; ngoba wezwa ukuthi bamgcobile abe yinkosi endlini kayise, ngoba uHiramu wayethanda uDavida njalo.


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumalusi, wabuyisela enkosini yakwa-Israyeli amawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu kanye noboya.


UJehoshafati waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yengcebo kwaJuda.


Ngakho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda waletha izipho kuJehoshafati; wayenengcebo nodumo ngokuchichimayo.


Ngaphezu kwalokho, uJehova wavusa umoya wamaFilisti nama-Arabiya ayesondelene namaKushe ngokumelene noJoramu.


Abantwana bakwa-Amoni bamnika u-Uziya izipho; igama lakhe laphumela ekungeneni kwaseGibithe; ngoba waziqinisa kakhulu.


Ngaphandle kwalokho okwalethwa izigebengu nabathengisi. Wonke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe: izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, iminyaka ngeminyaka.


Aliyikuhlalwa naphakade, nezizukulwane ngezizukulwane aliyikuhlalwa; umArabhi ngeke agxumeke itende lapho; abelusi kabayikwenza mhlambi lapho.


I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zasebenza kuwe ngamawundlu, nezinqama, nezimbuzi; ngokuba babengabahwebi bakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ